ICope ifuna kuxoshwe ungqongqoshe othe uMandela 'wadayisa' ngabantu abamnyama

2017-08-28 12:34

Johannesburg - ICongress of the People (Cope) ishaya ikhwelo lokuba axoshwe esikhundleni uNgqongqoshe wezobudlelwane namanye amazwe omhlaba, uMaite Nkoana-Mashabana, ‘ngezinto azitshela’ uMengameli waseZimbabwe.

ICope isola ukuthi uNkoana-Mashabana uyisitha sokuqeda ukucwasa ngokobuhlanga kuleli.

Inhlangano ithi ngesikhathi uNkoana-Mashabane ebuzwa nguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ukuthi kungani abelungu besanamandla amangaka eNingizimu Afrika, waphendula ngokuthi kungenxa yephutha likaNelson Mandela.

ICope ithi lokhu kwenzeka engqungqutheleni yeSADC ngeledlule.

Ngempelasonto, uMugabe ugxeke uMandela emngcwabeni obuseHarare, wathi wabayekelela kalula abelungu.

OLUNYE UDABA: Sekutholakale isidumbu sesithathu emayini

Uphinde wasola uMandela ngokuthi wayehamba yedwa uma eyobamba izingxoxo nohulumeni wobandlululo.

ICope ithi uNkoana-Mashabane usezivezile ukuthi akahambisani nomthetho omelene nokucwasa ngokobuhlanga, ngakho wehlulekile ukuvikela uMthethosisekelo.

UMengameli weCope uMosiuoa Lekota uthi bashaqekile.

UMnyango kaNkoana-Mashabana walile ukuphawula, uthi wona awumzwanga esho lezi zinto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.