ICope imise usihlalo wayo esifundazweni

2017-10-08 13:00

Polokwane – Usihlalo weCongress of the People (Cope) eLimpopo, uPatrick Sikhutshi, ngeSonto uthe ukumiswa kwakhe kuwumphumela wokugxeka kwakhe umholi waleli qembu.

"[UMosiuoa] Lekota nezakhe bavutha bengabaselwe ngami, ngoba ngafaka isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi babo,” kusho uSikhutshi etshela iNews24.

"Kunokuba anake leyo ndaba, [uLekota] waqhamuka nelinye iqhinga azolwisana ngalo nami, kusho usihlalo weCope esifundazweni.

NgoMgqibelo, le nhlangano imemezele ukuthi iyammisa esikhundleni sakhe uSikhutshi, ngenxa yokungasebenzisi ngendlela izimali zeqembu okuvele ngemuva kophenyo.

OLUNYE UDABA: UMaimane uthi ngeke baphumile kuze kube abantu bathola impilo engcono

"Bekulokhu kunezinsolo zokuxhashazwa kwezimali zeqembu isikhathi eside,” kusho usihlalo weCope kuzwelonke uPakes Dikgetsi ngaleso sikhathi.

Kodwa ngeSonto, uSikhutshi uzichithile lezi zinsolo.

"Ngeke ngayenza lenyonto. Ngingumuntu oqotho. Ngisebenzela ukulwisana nenkohlakalo nokuxhashazwa kwezimali.”

Uthe usazobheka ukuthi yini angayenza ngokumiswa kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.