ICosas isisabise ngokuvala u-KFC no-McDonalds njengoba ifuna kwengezwe othisha eKapa

2018-03-02 19:30

Cape Town - ICongress of South African Students (Cosas) isisabise ngokuvala amabhizinisi amakhulu edolobheni eKapa uma uMnyango wezeMfundo eWestern Cape uhluleka ukuqasha abanye othisha ezikoleni ezisemalokishini ngoMsombuluko.

ICosas ihole abafundi bezikole zamabanga aphakeme imashela emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundazweni ngoLwesihlanu ngemuva kokubikelwa ukuthi zimbalwa izikole eKhayelitsha azinothisha abafanele kwezinye izifundo, ikakhulukazi isifundo seMathematics.

"Sizovala izotolo zokudlela ezimbili, esakwa-KFC nesakwa-McDonalds ngoba izitolo zobhululu babo 'emabhizinisini'," kusho uSihlalo weCosas uMichael Mayalo ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi oMnyango.

OLUNYE UDABA:Inhlangano yabafundi ithi akasule uNgqongqoshe wezeMfundo

"Ngalokho sizonakwa futhi kuzobe kunenqwaba yabafundi.

"Sicela nabazali bangalubhadi ematohweni ngoMsombuluko bahambe bayolekelela izingane zabo zikwazi ukuthola imfundo esezingeni eliphezulu."

Le nhlangano iphinde yanxenxa ukuba kukhishwe uNgqongqoshe wezeMfundo uDebbie Schafer emahhovisi oMnyango.

"ICosas ifuna ungqongqoshe aphume azozizwela izikhalo zabafundi ngoba kubonakala sengathi umbiko awufiki ezindlebeni zakhe," kusho iNhloko yezepolitiki kwiCosas, uMphumzi Giwu.

UGiwu uthe inhlangano isiphelelwe yithemba ngongqongqoshe.

"Kuyacaca ukuthi ungqongqoshe akanandaba nabafundi basezikoleni zabantu abamnyama emalokishini, eWestern Cape. Sifuna aphume ehhovisi." 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.