ICosatu ifuna kubuyekezwe amathenda anikwa izinkampani zakwaGupta

2017-09-27 12:29

Cape Town – Umfelandawonye wezinyunyana iCosatu ngoLwesithathu uthe ufuna amathenda anikezwa izinkapmani zakwaGupta abuyekezwe.

ICosatu ithe ifuna kuphenywe ngazo zonke izinkontileka ezanikezwa izinkampani kuphinde kudalulwe nezikhulu zikahulumeni ezithintekayo.

ICosatu ikusho lokhu njengoba ihlele ukhukhulelangoqo wesiteleka sokulwisana nenkohlakalo kanye ne-state capture.

OLUNYE UDABA: Isiteleka asihlangane nepolitiki noma ukwahlukana okukhona - Sdumo Dlamini

"Lesi siteleka simayelana nokudlulisa umyalezo kuhulumeni nasezimbonini ezizimele, njengabasebenzi nezakhamuzi, sesikhathele yinkohlakalo,” kusho uNobhala Jikelele weCosatu uBheki Ntshalintshali esithangamini sabezindaba ngoLwesibili.

ICosatu, kanye neSACP bafuna nokuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni.

Isiteleka sigunyazwe yi-National Economic Development kanye neLabour Council ngo-Agasti, kanti kunamamashi angu-13 aqhubekayo ezifundazweni ezingu-9 zakuleli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.