ICosatu inike uNgqongqoshe isonto ukuthi asule

2017-03-13 11:01

Cape Town – Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu usinike uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, isonto elilodwa ukuthi asule, kungenjalo uzobhekana “nombhikisho omkhulu ezweni” wokuthi akhishwe esikhundleni.

ICosatu ibibambe umbhikisho ngaphandle kwamasango asePhalamende ngeSonto nalapho ibiyoshiya khona uhlu lwezikhalo kwabamele iPhalamende.

Idlanzana labantu abangaphansi kuka-20 babambe iqhaza kulo mbhikisho.

NgoLwesithathu, iNkantolo yoMthethosisekelo yayalela uMnyango ukuthi ucacise ukuthi kungani ungeke ukwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wangomhlaka-31 Mashi wokuthi uzisingathele wona uhlelo lokuholelwa kwemali yesibonelelo sikahulumeni.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Baningi asebezifunela ukubukwa ngolweSassa nemali yesibonelelo

Ngonyaka ka-2014, inkantolo yanquma ukuthi isivumelwano esikhona nenkampani esingatha uhlelo lokuholelwa kwabantu, iCash Paymaster Services (CPS), asikho emthethweni.

Ngokohlu lwezikhalo, lo mfelandawonye wezinyunyana ufuna ukuthi iHhovisi likaMengameli lithathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi imali yesibonelelo iyakhokhwa mhla lulunye ku-Ephreli; ukuthi iCPS iphenywe ngokwenkohlakalo; kanye nokuthi kudalulwe noma ngabe yikuphi ukuxhumana okukhona phakathi kwe-CPS nosopolitiki.

ICosatu ibe isinxusa uDlamini ukuthi asule ngokushesha esikhundleni “ngokuhluleka ukuhola uMnyango”, yaphinde yanxusa uMengameli Jacob Zuma ukuba amsuse esikhundleni uma enqaba ukuzisulela. Ithi uDlamini ube neminyaka emine ukuthi axazulule lolu daba kodwa wahluleka wancama. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.