ICosatu inxuse uRamaphosa ukuba aphungule iKhabhinethi

2018-02-17 11:05

Cape Town - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu isinxuse uMengameli omusha uCyril Ramaphosa ukuba aphungule amalungu eKhabhinethi okungenani ngengxenye.

ICosatu ukusho lokhu ngaphambi kokuba uRamaphosa ethule inkulumo yakhe yokuqala ngesimo sezwe yathi ongqongqoshe ababanjwe ngobhongwane kumele bafakwe amasondo ngokushesha.

Lo mfelandawonye uqhube ngokuthi kumele iphele futhi indaba yongqongqoshe abaphila impilo ewubukhazikhazi.

Ngesikhathi iphawula kanje iCosatu ayizange igagule magama ongqongqoshe.

OLUNYE UDABA: Sizobhekana ngqo nalabo abadla imali yabakhokhi bentela - Ramaphosa

URamaphosa wethule inkulumo yakhe yokuqala ngqa ebhekiswe esizweni ngo-19:00 ngoLwesihlanu.

Kulandela ukufungiswa kukaRamaphosa njengomengameli ngoLwesine, usenegunya lokukhetha ukuthi yibaphi ongqongqoshe abadinga kwiKhabhinethi lakhe, nangabadingi.

Lo mengameli ubengakaphumeli obala aveze ukuthi ngobani abazodliwa yizembe nabazosala kwiKhabhinethi kaZuma.

ICosatu iphinde yacela uRamaphosa ukuba akhuculule inkohlakalo egcwele ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni.

"INingizimu Afrika idinga ukukhuculula izinkampani ezifana no-Eskom, i-SAA, i-SABC, iDenel ne-SASSA. Lokhu kumele kubandakanye ukucwaningwa kwamabhuku kuphinde kushushiswe abatholakala benamacala," kusho iCosatu.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.