ICosatu isabisa ngokuvala zonke zikole zaseLimpompo namhlanje

2017-01-26 11:31

Johannesburg – Kulindeleke ukuthi zivalwe thaqa izikole zaseLimpompo  namhlanje njengoba iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ihlela ukubamba umbhikisho esifundazweni.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi le nyunyana izwakalise intukuthelo ngesenzo soMnyango sokushaya indiva ukubhekana nezinkinga ezahlukene ezikhungethe lesi sifundazwe.

Phakathi kwalezi zinkinga kubalwa ukungathunyelwa kwezincwadi kanye nezinye izinsiza zokufunda ezikoleni;

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwamiswa abanye othisha eKZN ngokulala nabafundi

Ukukhokhwa kwamaholo abo bonke othisha njengoba kunezinsolo zokuthi abanye abakaze bahole kusukela ngo-Ephreli ngonyaka ka-2016:

Ukukhokhwa kwemihlomulo ekweletwa othisha kanye nothishanhlonko bezikole;

Ukugcinwa kwengqalasizinda efanele kanye nokugcinwa esimweni esifanele kwezikole.

ICosatu ithi angeke isalokhu ivumela lezi izincazelo kanye nezaba ezibekwa uMnyango ngokuhluleka kwawo.

“ISouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) isinqume ukunikela emigwaqeni yasePolokwane ukufaka ingcindezi eMnyangweni ukuze uxazulule izingqinamba ngokushesha,” kubeka iCosatu yengeza ngokuthi uma kungenjalo loMnyango uzobhekana nokuvalwa thaqa kwezikole kanye  namahhovisi oMnyango kuze kube kuxazululwa izinkinga. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.