ICosatu ithi izobe ingaqondile uZuma esitelekeni senkohlakalo nokulawulwa koMbuso

2017-08-31 18:00

Johannesburg - ICosatu ngomhlaka-27 kuSepthemba izobamba isiteleka ezweni lonke itelekekela ukulawulwa koMbuso kanye nenkohlakalo, kanjalo nokulahleka kwemisebenzi, lo mfelandawonye wezinyunyana umemezele kanjalo ngoLwesine.

Isivele isisitholile isitifiketi sokuteleka kwi-National Economic Development and Labour Council (Nedlac), uNobhala Jikelele wayo, uBheki Ntshalintshali, usho kanjalo ezintathelini ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu sayo, nophele ngoLwesithathu.

Izinyunyana ezingaphansi kweCosatu ezweni lonke nazo zizojoyina lesi siteleka.

OLUNYE UDABA:UZuma uzobhekana nemibuzo ngokuzuza komndeni, iSABC noManana

ICosatu ithi ukulawulwa koMbuso kanye nenkohlakalo sekulahlekisele abasebenzi ngemisebenzi kwaphinde kwalahlekisela nabantu nosizo olubalulekile.

UMengameli weCosatu, uSdumo Dlamini, uthe lesi siteleka asikho ngoMengameli Jacob Zuma, nosesolwe ngokulawulwa koMbuso okubandakanya abangani bakhe, abakwaGupta.

“Sitelekela inkohlakalo ezimbonini ezizimele kanye nakuhulumeni futhi noma ngubani okungabe unecala lenkohlakalo kuzobhekiswa kuyena.”

Isiphakamiso sokuthi amalungu amashe ebheke ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House, kulandela ukunxusa kweCosatu ukuthi uMengameli Zuma ehle esikhundleni, senziwa esigungwini esiphezulu seCosatu kodwa sachithwa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.