ICosatu ixwayise abaqashi abesabisa abasebenzi abazongenela isiteleka

2017-09-27 09:32

Johannesburg - ICosatu ilindele izinkulungwane zabasebenzi babeyingxenye yemibhikisho yokuphikisana nenkohlakalo kanye ne-state capture ngoLwesithathu.

Umfelandawonye wezinyunyana uzongenela ukhukhulelangoqo wesiteleka, kanti ulindele amalungu ezinyunya ezingu-17 ezingaphansi kwawo zibeyingxenye yawo.

ICosatu iphinde yacela nalezo zinyunyana ezingekho ngaphansi kwayo ukuba zijoyine isiteleka.

Amamashi azobe esemadolobheni angu-13 ezweni lonke.

NgoLwesibili umengameli weCosatu uSdumo Dlamini uyichithile imibiko ethi uselivini ngakho ngeke abeyingxenye yemibhikisho.

UDlamini uthe yena uzohola umbhikisho ozobe uKwaZulu-Natal, okulindeleke kuwona abantu abalinganiselwa ku-20 000.

OLUNYE UDABA: Umengameli weCosatu uphika eyekhefu lokugula

ICosatu kulo mbhikisho, okulindeleke ubengomkhulukazi kuleli selokhu kwadlula uhulumeni wobandlululo, izobe ibambisene neSACP.

ISASP ithi isihlanganise amalungu abalelwa kwangu-250 000 azoba yingxenye yombhikisho ezweni lonke.

ICosatu inamalungu angaphezu kuka-1.2 million kodwa akwaziwa ukuthi mangaki azoba yingxenye yamamashi namhlanje ngoLwesithathu.

ICosatu ixwayise abaqashi ngokwesabisa abasebenzi abafuna ukuba yingxenye yesiteleka.

Khonamanjalo, iNumsa yalile ukubayingxenye yalo mbhikisho ngoba iSACP neCosatu badlelana naye uhulumeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.