ICosatu neSACP bagxeke i-ANC ngemizamo yokuxosha uHanekom

2017-08-22 09:48

Johannesburg – I-African National Congress (ANC) isithole ukugxekwa ngokwesabisa ngokuxosha ilungu lekomidi eliphezulu kuzwelonke uDerek Hanekom esikhundleni sokuba yiNhloko yekomidi eliqondisa izigwegwe.

UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ubhalele incwadi lowo owayenguNgqongqoshe wezokuVakasha emcela ukuba akachaze ukuthi kungani kungamele akhishwe esikhundleni sakhe.

UHanekom ungomunye walabo abagxeka kakhulu uMengameli Jacob Zuma ngobuholi bakhe.

UHanekom waze wacela amanye amaLungu e-ANC ePhalamende ukuba avote ngokonembeza bawo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaZuma.

OLUNYE UDABA: UVodacom uthi uzobakhokhela amadlelwe ama-data

Imizamo yokuxosha uHanekom yenze iCosatu yagxeka uhulumeni we-ANC ngokufuna ukuxosha bonke labo abakhuluma ngenkohlakalo.

Okhulumela umfelandawonye wezinyunyana uSizwe Pamla uthi: “Bonke laba bantu bavikela izimiso okuyizona ezeseka i-ANC isikhathi eside.

Uthi i-ANC akumele yenze sengathi uMengameli wayo akuwona umnyombo wezinkinga zezombusazwe.

I-SACP nayo ithe ayihambisani nemizamo ye-ANC ngoHanekom. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.