ICosatu neSACP bagxeke isinqumo se-ANC ngoMakhosi Khoza

2017-08-18 12:31

Johannesburg - ICongress of South African Trade Unions (Cosatu) kanye neSouth African Communist Party (SACP) bagxeke isinqumo se-African National Congress (ANC) sokususa uMakhosi Khoza njengoSihlalo wekomidi lemisebenzi yomphakathi.

Lezi zinhlangano ezidlelana ne-ANC zithi nguMengameli Jacob Zuma obekumele i-ANC imthathele izinyathelo.

NgoLwesine, iHhovisi likaSotswebhu we-ANC ePhalamende lithe liyalelwe ukuba limsuse uKhoza esikhundleni sakhe ngemuva kokuba amanye amalugu e-ANC ePhalamende asekomidini ebeliholwa nguyena enqabile ukuphinde asebenze ngaphansi kwakhe.

UKhoza udume kakhulu ngokugxeka uZuma emphakathini nangokuthi yena wakubeka kwacaca ukuthi uzovota ngonembeza wakhe esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli.

Okhulumela iCosatu, uSizwe Pamla, uthi uKhoza akayona inkinga kwi-ANC.

OLUNYE UDABA: Kulimale abantu isitimela siphuma kujantshi

“Sicabanga ukuthi abantu abafana noMakhosi Khoza bangamaqhawe e-ANC ngoba bavikela izimiso zenhlangano kulabo abafuna ukuyicekela phansi.”

Okhulumela i-SACP, uMhlekwa Nxumalo, uthi uKhoza uyisibonelo sabantu abaqotho kwi-ANC.

“Uma kunesidingo, bayakwazi ukukhuluma okusemiqondweni yabo. Kungenzeka ukuba kukhona lapho ababuthaka khona kodwa lokho ngicabanga ukuthi inhlangano ingakulungisa. Ngale kwalokho, ngicabanga ukuthi ungelinye lamaqabane amahle impela kwaseke akhiqizwa umbutho.”

Zombili lezi zinhlangano phambilini zazwakalisa ukuthi zifuna uZuma aphume esikhundleni kodwa i-SACP yanqaba ukuyalela amalungu ayo ePhalamende ukuba avotele ukugudluza uMengameli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.