Karachi – Idelakufa le-Islamic State liziqhumise ngebhomu eningizimu yezwe lasePakistan ngoLwesine, kwashona abantu ababalelwa kwabangu-75, okuyisibhicongo esibi kakhulu ukwenzeka kuleliya lizwe eminyakeni engaphezu kwemibili.
Idelakufa lingene ehholo laseLal Shahbaz Qalandar eSehwan laziqhumisa ngebhomu kukhona inqwaba yabantu ebebebuthene kule ndawo, ngokusho kwabezokuphepha abathathu, babalelwa kwabangu-20 abesifazane nezingane ezingu-9 abashonile kulesi sigameko.
UFazal Palejo, oyisikhulu sezempilo esifundazweni iSindh, usiqinisekisile isibalo.
OLUNYE UDABA: Kushone 8 kuhlaselwa ngemibese eChina
I-Islamic State iveze ukuthi iyona ehlaselile esitatimendeni esikhishwe yiziko layo lezindaba i-Aamaq news agency, yathi ibiqondise embuthaneni wamaShiite.
URaja Somro, ozibonele, utshele isiteshi sikamonakude sendawo ukuthi amakhulu abantu bebenza iDhamal ngesikhathi kuhlasela idelakufa.
"Ngibone izidumbu zisaphazeke phansi. Ngibone izidumbu zezingane nezabesifazane,” usho kanje.