Idolobha likhathazekile ngokwenyuka kwezinga lokusetshenziswa kwamanzi

2018-04-17 16:00

Cape Town - Iphini lemeya eKapa lithi izinga lokusetshenziswa kwamanzi kuleli dolobha kudingeka lingedluli kumalitha angu-450-million ngosuku.

Idolobha iKapa lithi likhathazekile ngokuthi liphezulu kakhulu izinga lokutshenziswa kwamanzi kulezi zinsuku, njengoba lenyuke ngo-5% ngesonto eledlule.

Iphini leMeya u-Ian Neilson lithi izinga lamanzi emadamini nalo selehle ngo-0.5% ngenxa yokushisa okukhona.

Lilinganiselwa ku-21% izinga lamanzi asemadamini aphakela uMasipala.

OLUNYE UDABAUlahlwe yicala lokushaya owe-ANC

UNeilson uthi sekuhlanganiswe zonke izibalo, ukusetshenziswa kwamanzi kwenyuke kwafinyelela kumalitha angu-542-million ngosuku, kusuka kumalitha angu-512-million.

Uthi kubalulekile ukwehlisa izinga lokutshenziswa kwamanzi nsuku zonke, kungeqi kumalitha angu-450-million abaphakelwa wona uMnyango wezaManzi.

UNeilson uthi uma lokhu kunganqandwa, kuzofika uDisemba idolobha lingasenawo amanzi.

Kuzokhumbuleka ukuthi iKapa like labhekana nobunzima bokuntuleka kwamanzi ngasekuqaleni konyaka njengoba bese kubanjwe umoya ngeDay Zero.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.