IDowns ihlwithe obefunwa yiChiefs

2017-04-23 17:00

Durban - IMamelodi Sundowns ishaye ikhanda iKaizer Chiefs isayinisa umdlali ovunjululwe nguSteve "Mphathi" Komphela ongumqeqeshi weziMpofana.

Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi uDeolin Mekoa odlala ophondweni lwesokunxele phambili kwiMaritzburg United ngesizini ezayo uzokube egijima kwiSundowms emuva kokuba la makilabhu evumele ngeledlule ukudayiselana.

Lo mdlali ubefunwa uthuli yiChiefs kwazise uvunjululwe nguKomphela esengumqeqeshi weMaritzburg.

Nokho iChiefs ishayekile njengoba kuvela ukuthi iSundowns iqhamuke netshe lemali kumnikazi weTeam of Choice, uFarook "Ntshebe" Kadodia, wavele waconsa amathe wavuma ukumudedela.

OLUNYE UDABA: UGabuza uholele izinkunzi zaseSoweto kowandulela owamanqamu

"IMaritzburg neSundowns bebenomhlangano ngeledlule uKadodia wavuma ukumudedela uMekoa. Sebevumelane ngakho konke. Njengoba ngikhuluma nawe nje imenenja yalo mdlalo uGlyn Binkin imatasa ibamba imihlangano neSundowns ukuqedela indaba yemali yomholo walo mfana nemali yokusayina. Kodwa yena sengingakuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo uzokube egijima kwiSundowns, iChiefs ebimufuna isiyishayile iSundowns," kusho lo mthombo.

Imizayo yokuthola uBinkin ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

UKadodia ebuzwa ngalolu daba, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalo. "Ngicela silinde kuze kuphele isizini yilapho kuzocaca khona ukuthi kwenzakalani," kusho uKadodia.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.