Durban - Yize kungabanga lula ukuthi uNgele azibonakalise kwiMamelodi Sundowns, kodwa leli qembu libonakala lingazimisele ukumdedela, kubika iKickoff.
UNgele obekahlezi engaphansi kwesithunzi sikaKhama Billiat ucele abaphathi bakhe ukuba bamcelele eqenjini ukuthi kubolekiswe ngaye ukuze azothola isikhathi esiningi sokudlala.
"UNgele usaseyingxenye enkulu yeSundowns, i-agent yakhe ikhulumile nathi ngezifiso zalo mdlali zokunikezwa amathuba okudlala futhi siyasihlonipha kakhulu isicelo sakhe,"kusho iCEO yeMamelodi Sundowns uSizwe Nzimande.
OLUNYE UDABA:'Munye kuphela umdlali ofanelwe ukugqoka ijezi leChiefs'
Uqhubeke wathi: "yize kunjalo kusazoba nezingxoxo phakathi kukaNgele kanye nethimba elisebenza ngqo nabadlali, uma lona libona kungcono kubolekiswe ngaye, sozokunakisisa nalokho."
UNzimande uthe okubakhathazayo wukuthi lomdlalo iyingxenye yabadlali ababhaliselwe imiqudelwano eqhubekayo yeCAF ngakhoke kuzobanzima kubona uma sebebolekise ngaye bese kuvela isimo lapho sebeshoda ngomdlali ngezimo ezithile kule midlalo.