Johannesburg - UPitso Mosimane angathanda ukubona uSteven Pienaar ejoyina iMamelodi Sundowns njengoba lo mdlali kumanje ethungatha iqembu elisha.
Umqeqeshji weSundowns uthi uPienaar kumele akuthokozele ukuzodlala kwiPSL njengoba kungasekude athathe umhlala phansi, ngenxa yempumelelo elinayo iqembu kanjalo nangendlela elidlala ngayo.
UMosimane uthi nakanjani iDowns uzombekela okutheli etafuleni lo mdlali.
Funda nalolu daba: Awumfanele u-R10m uVilakazi -Pitso
Uthi akacabangi ukuthi lo mdlali uyikhathalele kangako imali njengoba esebuyela kuleli kodwa ucabanga ukuthi kumele akujabulele ukuba lapha.
Imenenja kaPienaar, uRob Moore‚ kubikwa ukuthi ubenezingxoxo ne-Orlando Pirates‚ kanti neKaizer Chiefs kuthiwa izimisele ngaye.
UMosimane uphinde wakhala ngokuthi kunabadlali abafana noSibusiso Vilakazi, abazimisele ngabo kodwa ngeshwa babiza kakhulu, kubik iSowetanLive.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).