Ifilimu iBlack Panther idlale indima enkulu ekunqobeni kwePirates - Umqeqeshi

2018-03-05 12:30

Cape Town - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin 'Micho' Sredojevic udalule ukuthi ukuyobuka ifilimu phakathi nesonto kubasize kakhulu abafana bakhe ekutheni banqobe kowomkhaya baseSoweto ngoMgqibelo, beshaya iKaizer Chiefs ngo-3-1.

AmaSea Robbers anqobe lo mdlalo ngo-3-1 kepha ukube abewasebenzisa wonke amathuba awathole ngesiwombe sesibili ngabe kukhulunywa okunye.

"NgoLwesibili ebusuku sihambe njengekilabhu sayobuka ifilimu iBlack Panther," kusho uSredojevic.

"Yifilimu enomlando omuhle nge-Afrika enikeze abadlali bami ugqozi lokudlala ngezikhwepha. Bekuyiphupho lethu ukuvala iviki ngegiya eliphezulu," kusho lo mqeqeshi.

OLUNYE UDABA: Izinguquko zikaKomphela ziyibulele iChiefs - Dladla

Lokhu kunqoba kusho ukuthi iPirates, ehlezi endaweni yesibili kwilogi, ilandela iMamelodi Sundowns eqhwakele esicongweni ngamaphuzu amane.

"Ithimba labaqeqeshi kanye nabadlali basebenze kanzima iviki lonke belungiselela ukuthi sinqobe lo mdlalo," esho.

"Siyaziqhenya kakhulu ngokufaka amagoli amathathu sidlala neqembu elibalwa namanye ahamba phambili ngokuba nodonga oluqinile kwiligi."

USredojevic uthi ufuna ezakhe ziqhubeke la ezigcine khona uma seziqhubeka nomgqigqo.

"Kumele siqhubeke nokunyusa amasokisi ukuqinisekisa ukuthi izinduku azibuyeli ngakithina uma sesidlala neCape Town City noma iGolden Arrows," kuphetha uSredojevic.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.