Ifuna imali nonyanyavu lwemoto inyanga kowoKhozi FM

2017-01-19 11:30

Durban - Umfula udla izindwani kuMnu Thulani "3 Second" Nkwanyana ongumthandazi - okhonza ebandleni lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni - njengoba ekhala ngokuthi uhlanjalazwe ngumphathi wezinhlelo oKhozini FM okuyimanje ufuna amgeze ngo-R1.7 million neFord Ranger entsha ceke, kubika iphephandaba ILANGA.

UMnu Nkwanyana ufuna le nhlawulo kuZandile Tembe amsola ngokuthi umhlambalaze kwelinye iphephandaba lesiZulu ethi ubengazishayi ngani isifuba sonke lesi sikhathi ngempumelelo yomculi kamaskandi,  uSthembiso Mroza Fakude osanda kuqopha umlando ehlukanisa unyaka ngengoma yakhe ethi Elamanqamu.

Ingoma kaMroza ihlukanise unyaka eziteshini ezingaphansi kweSouth African Broadcasting Corporation (SABC). UMnu Nkwanyana uphumele obala wathi uMroza ugila izimanga nje, yimisebenzi yakhe.

UMnu Nkwanyana obuye asebenzise imithi yesintu ukwelapha, uthi ufuna kushaye umhla zili-15 kuNhlolanja (February) esehlawuliwe.

"Kungani ngilwiswa uma ngiveza ukuthi ngasiza uMroza ngamlungisela izinto zakhe ukuze zikhanye aphumelele emculweni nasempilweni nje?

“Kangikaze ngisho ukuthi ngamenza wavotelwa kodwa ngathi ngilungise umsamo wakhe ukuze aphumelele," kusho uMnu Nkwanyana.

Ukugcizelele ukuthi ngesikhathi uMroza engakadumi, uye kuyena wacela ukuba amlungisele umsamo wakhe, okuyinto athi uyenze ngempumelelo emuva kwalokho waqala lo mculi waqashwa ezindaweni ezahlukene futhi nomculo wakhe wazwakala emisakazweni.

OLUNYE UDABA: Abakwa-SABC bawushaya indiva umkhankaso wabalandeli ngoZama Ngcobo

"Le ntokazi ngibona ingehlisa isithunzi nje, kodwa ezinye izikhulu zalo msakazo zinginxuse ukuba ngiyixolele, zaze zangihlelela ukuba ngikhulume kuwona lo msakazo ngizwakalise ilaka lami ngalolu daba lukaMroza.

“Ngikwenzile lokho ngoLwesihlanu olwedlule. Sivumelane ngokuthi le ntokazi izoxolisa, isixoliso siphume emaphepheni angempelasonto kodwa lokho kakwenzekanga," kusho uMnu Nkwanyana.

Uthi yena akayona inyanga njengoba kushiwo, ungudokotela osebenza ngamandla awanikwe yiNkosi Mduduzi "Nyazilwezulu" Shembe (ohola amaNazaretha aseBuhleni). Utshele ILANGA ukuthi uZandile umphazamise esebhandeni kwalimala izinhlelo uJehova abethi makazizilele.

Ethintwa uTembe mayelana nenkulumo kaMnu Nkwanyana, uthe: "Angazi lutho ngendaba yokuhlawuliswa noma yokumangalelwa nguNkwanyana, bekungakafiki lokho kimina ngakho ngeke ngikwazi ukukhuluma ngento engakafiki kimi."
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.