Igatsha lesihlahla liwe labulala intombazane

2018-04-11 11:01

Johannesburg - Igatsha lesihlahla esikhulu okungenzeka ukuthi sesineminyaka engaphezu kwengu-100 ubudala, liwe labulala intombazane.

Abantu bavame ukuhlala ngaphansi kwalesi sihlahla uma beya noma bebuya esitolo esisendaweni.

NgoMgqibelo uTshiamo Baloyi, 17, kanye nabangani bakhe ababili bebemi ngaphansi kwaso lesi sihlahla ngesikhathi bezwa umsindo wokuklayeka kwaso, babaleka.

Kodwa ngeshwa uTshiamo ubalekele ngapho beliwa ngakhona igatsha, lamgqema ekhanda, wafa ujuqu.

OLUNYE UDABA: Ubuyele enkantolo owabiza iphoyisa ngekhafula

Lesi sigameko senzeke e-zone 5 ePankop, esifundazweni iMpumalanga.

Lesi sihlahla singaseMpoko Maloka Middle School.

Abangani baTshiamo bazamile ukumsiza kodwa ubengasanyakazi, baphuthuma kubo ukuyobika ngosekwenzekile.

Kuthiwa umufi ubeye esitolo eyothenga amaphilisi ezinhlungu njengoba ebekhale ngekhanda elibuhlungu.

 

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Taki Matemane uthi kuvulwe idokodo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.