'Igazi likaMagaqa malibe yintelezi ezoletha ukuthula kule nhlangano'

2017-09-14 16:01

Durban - Iyaqhubeka inkonzo yesikhumbuzo sikaSindiso Maqaga obeyikhansela le-ANC kumasipala ongaphansi kwesifunda iHarry Gwala.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uSuper Zuma uthe uMagaqa bekungafanele ahambe ngale ndlela ngoba kuningi ebekusamele akufundise amalungu ale nhlangano ngokuthembeka kanye nokuzinikela kulo mbutho.

Lo nobhala uthi uMagaqa ubezofundisa abantu ukuthi kunjani ukuthembeka kulo mbutho, ukuzehlisa usuke esikhundleni esiphezulu uzothatha esincane emakhaya.

Washo nokuthi ubezobafundisa nangokubaluleka kokuzinikela kumbutho afika kuwo usemncane: "Uhlale ubekezele noma ziningi izivunguvungu."

OLUNYE UDABA:UMalema uthi ushone esezojoyina i-EFF uMagaqa we-ANC

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula naye umncome kakhulu uMagaqa ngokuthembeka kwakhe ngoba akazange afane nabanye ababephephuka uma kunezivunguvungu bawushiye umbutho.

"UMagaqa wakhulela ngaphakathi kulo mbutho, yize wayethathwa njengomuntu onenkani. Abantu abangadidanisi inkani yokuzinikela kanye nenkani yokucasuka.

"Uma umuntu eneyokuthembeka umbona ngokuthi ashiselwe, aphakame avuthe uma kukhona okumthintayo. Ukube wayeqhutshwa wukudinwa wawuzombona ngokuthi ahlehle uma kumiswa amalungu entsha ye-ANC."

Uthi uMagaqa kwakungamele amiswe yi-ANC, kepha wazenza yena ukuba amiswe ngoba wayehambisana nabantu abanombono ohlukile.

UMbalula uthi uMagaqa ubengelona iphixiphixi, wayeyimela into yakhe.

"Wawungakholwa ukuthi ungahlulwa uma uhamba noMagaqa, ngoba wayekunika umfutho, akwenza uthembe ukuthi nakanjani uzophumelela." 

UMbalula uchaze uMagaqa njengeqabane ebelithembekile, linganyakaziswa nayizivunguvungu, wathi futhi ubengelona igwala.

UMagaqa kumenele esibhedlela esiseThekwini ngemuva kokudutshulwa ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.