Igcine igwetshiwe iPirates ngokuziphatha kwabalandeli

2018-04-17 17:59

Ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPremier Soccer League ligcine lisehlisile isinqumo mayelana nodaba olubandakanya udlame lwabalandeli be-Orlando Pirates olwaqhubeka eLoftus Versfeld Stadium ngonyaka odlule.

Lesi sigameko senzeka esikhathini esingaphezu kwezinyanga ezingu-14 ezedlule, ngesikhathi abalandeli bePirates begasela enkundleni kulandela isibhaxu sika-6-0 ikilabhu idlala neMamelodi Sundowns.

Ikomidi le-PSL laqale lasigodla isinqumo, kwathi namhlanje layalela iPirates ukuba idlale imidlalo yasekhaya emibili ngaphandle kwezihlwele, kanti owodwa kule midlalo ulengiswe izinyanga ezingu-24.

OLUNYE UDABA: IPirates ilahlwe yicala lokungaziphathi kahle kwabalandeli

"Ikomidi eliqondisa izigwegwe selifake unswinyo iPirates ngokuyiyalela ukuthi kumele idlale imidlalo yasekhaya emibili ngaphandle kwababukeli. Emdlalweni owodwa lolu nswinyo lulengiswe izinyanga ezingu-24," kufundeka isitatimende esikhishwe ngoLwesibili.

"Ngokubona kwekomidi, lesi sigwebo sifanele ngenxa yobucayi becala.

"Ngaphezulu, ikomidi libona kuyiyona kuphela indlela okungajeziswa ngayo abalandeli kanye nekilabhu ngokuziphatha kwabalandeli ngendlela engavumelekile kuqhubeka umdlalo."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.