Igcine ixolisile indodana kaZuma 'ebidaza inkani'

2017-08-03 14:02

Johannesburg - Indodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward, isigcine ixolisile ngencwadi evulelekile eyayibhala igxeka uPravin Gordhan noDerek Hanekom.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMdumiseni Ntuli ukuqinisekisile ngoLwesine ekuseni ukuthi u-Edward usexolisile ngokubiza uGordhan ngomvikeli wongxiwankulu abamhlophe noHanekom ngomdayisi.

I-ANC KwaZulu-Natal ibibekele u-Edward kuze kube phakathi kwamabili ngoLwesithathu ukuba ahoxise akusho encwadini, uma kungenjalo athathelwe izinyathelo.

UNtuli uthe indodana kaZuma imfonelile ngoLwesine ekuseni imazisa ukuthi ithumele incwadi emahhovisi e-ANC ngoLwesithathu.

“Asiyitholanga incwadi izolo [ngoLwesithathu] kodwa usifonele manje wabe esengithumelela incwadi athi uyithumele emahhovisi e-ANC izolo exolisa,” kusho uNtuli.

OLUNYE UDABA: Kumele yehle intengo yama-data - Icasa

Uthe emhlanganweni ozoba ngempelasonto wekomidi eliphelulu esifundazweni ngeke ikhulunywe indaba yokuthi uxolise nini u-Edward.

U-Edward ngoLwesithathu uthe uzophawula kuphela ngecwadi esithangamini sabezindaba azosibiza maduzane.

Indodana kaZuma ayikaphunyuki ngokugcwele njengoba iSA Human Rights Commission (SAHRC) isaphenya ngezinsolo zokuthi amazwi akhe agqugquzela inzondo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.