Igcine ngokushona ingane eyashiywa yodwa amahora angu-6 esibhedlela

2016-07-11 10:02

Johannesburg - Ihlale amahora ayisithupha yodwa emakhazeni egumbini lokugeza esibhedlela saseFree State futhi isaphila ingane yomfana ezalwe kungakabi yisikhathi.

U-Ethan Barnard uzalwe ngomhlaka-21 Juni ngezithuba zabo-01:00 ekuseni esibhedlela iWelkom Bongani enesisindo esingama-750g. Ubenamasonto angu-26 nezinsuku ezinhlanu ngesikhathi ezalwa.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane, 3, ebivaleleke amahora efrijini

Umama wakhe uCindy wavunyelwa ukuba amubambe imizuzu engu-15 kuphela ngaphjambi kokutshelwa ukuthi angeke ize iphile isikhathi eside ingane yakhe wase ephucwa.

Kusolwa ukuthi wayengekho udokotela ngesikhathi uCindy ebeletha.

Unesi watho u-Ethan esaphila sekuphele amahora angu-6 ngemuva kwezithuba zabo-07:00 ekuseni. Wamumbathisa inabukeni wase emphuthumisa egumbini lamagula kakhulu.

U-Ethan ushone ngeSonto eledlule, sekuphele amasonto amabili ezelwe.

Ubaba ka-Ethan uBen Barnard ufuna kwenziwe ubulungiswa, uthi indodana yakhe yayekelwa ukuba ishone.

"Umfana wami uyilwelile impilo yakhe kodwa bamubulala," kusho uBarnard, kubika iTimesLive.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter            


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.