IGcokama Elisha neLANGA ezingxoxweni zoxolo

2017-06-21 09:33

Durban - Uzehlisile entathelini yeLANGA umculi kamasikandi uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele emuva kokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nayo.

Lo mculi uzifikele mathupha emahhovisi ephephandaba ILANGA wathi uzozilahla phansi, uyazisola ngesenzo sakhe sokuhlasela intatheli uMthobisi Sithole emngcwabeni kaMnu Salabemkhuluma Xulu owayefihlwa eVuna kwaNongoma, enyakatho neKwaZulu-Natal emasontweni edlule.

Bese kunesikhathi eside lomculi ecela ukuhlangana nabaphathi bephephandaba ethi ufisa ukuzoxolisa. UMthandeni uthi uyazisola kakhulu kwiLANGA ngakho konke okwenzekile uxolisa nakubo bonke abemithombo yezindaba. Uthi kwaba wukuhluthuka nje kwenhliziyo wase enza into esimfakela amahloni.

"Ngixolisa ngoba ngihlalile phansi ngesikhathi sengingedwa ngajula ngalibona iphutha lami. Ngaloluya suku ngeqiwa wukucasula ngenxa yezindaba ebeziphume ngami ephepheni ezingezinhle nezenze ngagcina sengibukeka kabi emphakathini.

"Njengoba ngizozilahla nje kangisathandi kubuyelwe emuva, ngilindele noma yisiphi isijeziso esingabhekiswa kimi nokukhokha noma ngabe yini ngoba ngiyalivuma icala lami. Ngizamile ukukhuluma nemenenja yami kusenesikhathi ngicela ukuba ingicelele ithuba lokuba ngizozilahla ukuze kininam ngixolise kodwa kwagcina kungenzeki ngasohlangothini lwayo," kusho uMthandeni.

Uthi uhlulekile wukulawula inhliziyo ngesikhathi ebona intatheli kanti uzozisola emuva kwesigameko.

Intatheli uMthobisi iziphendulela ikhale ngesithunzi sayo esadicileleka phansi kubukiswa ngayo phambi kwezihlwele. Nokho ithe iyalwemukela uxolo.

NoMhleli wephephandaba ILANGA uNkz Thobile Nxumalo ubonge isenzo sokuzisola kwalo mculi ngephutha lakhe wathi ILANGA selizoyalela abameli balo ukuba bahoxise lolu daba enkantolo ukuze kwakhiwe, kuyiwe phambili.

Ube esebuza kuMthandeni ukuthi uzoyihoxisa kanjani ingoba abeseyiqophile ekhuluma ngempama, uMthandeni waphendula ngokuthi uyaxolisa nalapho kepha yimbongi eyaqhamuka nalezo zinhlamvu, wavuma ukuthi kwaba liphutha ukudedela iculo elinezinhlamvu ezilumelayo lisabalale.

"Siyabonga indlela azehlise ngayo uMthandeni. Siyalwemukela uxolo lwakhe ngoba kakulula ukuzehlisa uxolise," kusho uNkz Nxumalo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.