Igwetshiwe indoda ebisolwa ngokubulala nokuphanga

2017-12-14 07:02

Pietermaritzburg - Igixabezwe ngodilikajele neminyaka engu-15 ejele ngokuphanga ehlomile nokubulala indoda eneminyaka engu-24 ubudala.

Le ndoda ogama layo nguWatu Ngwenya kubikwa ukuthi ize yagwetshwa iwaphika amacala.

Ngeskhathi iJaji uShyam Gyanda lidlulisa isigwebo lithe isenzo sokubulawa kwaSusimpi Dladla ngenhloso yokuphanga imoto yakhe isenzo esingesihle.

Ngokwavela enkantolo ngaphambilini uNgwenya wathi ngosuku lwesigameko okwakungumhlaka-26 Agasti 20176 wayephuma kubo eFrance ehamba nentombi yakhe uKimberly Hemraj.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe nephoyisa laseGoli kwabebezama ukuphanga epulazini

Wathi babesuka kubo beyogingqa izithuba emgwaqeni uR56 belibangise edolobheni eMgungundlovu.

UNgwenya waphinde wathi babengamile bodwa ngesikhathi befuna izinto zokuhamba njengoba kwakukhona nenye indoda.

Wathi ngemuva kwesikhashana belindile kwaqhamuka uDladla ehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Tazz wabanikeza u-lifti.

Ngemuva kokuhamba ibangana elifushane le ndoda yakhipha isibhamu yadubula umshayeli,  yabe isiphoqa uNgwenya ukuba ashayele.

Uqhube wathi le ndoda yathi abalahle isidumbu eceleni komgwaqo, base beyoma egaraji lapho uNgwenya athola khona thuba lokubaleka.

 - KZN EYETHU

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.