Igwetshiwe indoda yaseDundee ngawokubulala izintombi zayo

2017-11-07 09:31

Durban - Indoda eneminyaka engu-39 ubudala ilahlwe yicala yaphinde yagwetshwa iminyaka engu-30 ibhadle ejele ngamacala amabili okubulala ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu yasePietermaritzburg, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe uPhumlani Khumalo Zondi ubehlukumeza izintombi zakhe eDundee namaphethelo ekuqaleni kwalo nyaka.

UMbhele uthe icala lokuqala labikwa ngomhlaka-18 Mashi ngesikhathi kutholakala isidumbu sikaSizakele Phakathi, 40, ngakuVictory Street, eDundee.

OLUNYE UDABA: 

"Umqala wakhe wawusikiwe, imilenze yakhe iboshwe ngebande."

Ngomlaka-16 Septhemba, isidumbu sikaSihle Dolly Mnguni, 28, satholakala kuGladstone Street, eDundee.

UMnguni watholwa esigangeni enamanxeba okulimala ekhanda.

"Womabili la macala avulwa esiteshini samaphoyisa aseDundee. Kwabe sekuphenywa, abaseshi balandela imikhondo. Umsolwa waboshwa endaweni yase-Avocca ngaphandle kwaseDundeee lapho ayebhace khona," kusho uMbhele.

"Umsolwa wathweswa ngamacala okubulala. Wavela enkantolo wanqatshelwa ibheyili.

"Kusolwa ukuthi wazibulala izintombi zakhe ngoba zazimjolela."

 - African News Agency

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.