Igwetshiwe indoda yaseThekwini eyabulala owayeyingoduso

2018-03-24 14:10

Durban - INkantolo yesiFunda yaseNtuzuma igwebe owesilisa iminyaka engu-33 ebhadla ejele ngezinsolo zokubulala owayeyingonduso yakhe ngo-2013, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

UZamokwakhe Paulos Gumede, 47, kuthiwa washaya uSthembile Cele, 32, wamdlwengula emkhombe ngesibhamu ngomhlaka-4 Juni 2013.

UCele wabikela amaphoyisa kwase kuvulwa icala.

OLUNYE UDABA: Uzofaka isicelo sebheyili osolwa ngokubulala umkakhe

"Ezinsukwini ezingu-11 ezalandela, uCele watholakala eshonile enenxeba lokudutshulwa eBhambayi, eNanda. Kwabe sekuvulwa icala lokubulala, uGumede wanyamalala," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Kuthiwa waze waboshwa eSiphingo lapho ayebhace khona. Ngesikhathi eboshwa, watholakala nesibhamu esingekho emthethweni okuyiso asisebenzisa ukubulala uCele.

Laqulwa icala lagcina ngokumgojela. Wagwetshwa iminyaka engu-18 ngokubulala, eyishumi ngokudlwengula nemihlanu ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.