'Igweve nehhovisi i-ANC eWaterloo'

2017-02-06 13:01

Durban - Kusuke esinamathambo kwashoda ozogadla kuqala phakathi kwamalunga eDemocratic Alliance (DA) nawe-African National Congress (ANC) eWaterloo, enyakatho yeTheku ngaphansi kukawadi 58 kubangwa ihhovisi lomphakathi elikule ndawo.

Kusize ukuba khona kwamaphoyisa abeqaphe isimo ngeso lokhozi njengoba amalunga eDA abevutha engabaselwe efuna uMnu Mxolisi Ndzimbomvu obeyikhansela kule wadi phambilini - ngaphansi kwefulegi le-ANC - aphume aphele kuleli hhovisi.

I-ANC ihlulwe yi-DA okhethweni obelumhla zintathu kuNcwaba (Agasti) nyakenye, kubangwa le wadi.

OLUNYE UDABA: Ibisivele yonakele intombazane eyayisola umfana ngokuyithathela ubuntombi

Amalunga e-DA athi selokhu uMnu Ndzimbomvu edliwe okhethweni, akafuni ukuphuma kuleli hhovisi okumele ngabe kusebenzela kulona ikhansela leqembu lawo eseliphethe iwadi, uMnu Johhanes Chatty.

Asola uMnu Ndzimbomvu ngokuqhwaga leli hhovisi alenze e-ANC, okwenza wona angalutholi usizo kulona. UMnu Vusimuzi Khwela obeyingxenye yalo mbhikisho, uthi abantu abakhathazekile ngaleli hhovisi kakuwona amalunga e-DA kuphela kodwa wonke umphakathi ukhathele nguMnu Ndzimbomvu onqwaha nalo ngoba kufanele ngabe lisiza umphakathi ngentuthuko.

Uthi yingakho behlangane namanye amalunga omphakathi ukuze bezohambisa uhlu lwezikhalo mayelana naleli hhovisi.

Utshele ILANGA ukuthi kunosomabhizinisi abafuna ukuyisa intuthuko kuleya ndawo njengokuqeqesha intsha kwezamabhizinisi, kodwa kabakwazi ngoba indawo okumele isize umphakathi, uMnu Ndzimbomvu unqwage nayo.

"Leli hhovisi lakhiwa ngoba kuthiwa lizosiza umphakathi ngesikhathi kusenguyena uNdzimbomvu oyikhansela. Ubesebenzela kulona naye ngoba enzela ukuthi abantu basheshe baluthole eduze usizo, inkinga manje uma esehluliwe okhethweni akasafuni ukuphuma kungene ikhansela eseliphethe.

"Uma abantu beyofuna uziso, uyabaxosha athi mabaye ekhanseleni le-DA abalivotela. Kuyasixaka lokhu ngoba uNdzimbomvu akaselona ikhansela kule ndawo, kasazi ukuthi uvimbeleni nalo.

"Kuyimanje kunohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) uNdzimbomvu aqashe kulona obhululu bakhe bakwa-ANC washiya abantu basendaweni.

"Kuyasixaka ukuthi lokhu ukwenze kanjani ngoba kumele kube yikhansela lewadi elenza lokhu. Ngisho ubuholi bendawo njengekomiti elisebenzisana nekhansela, kalaziswa ngokuqashwa kwabantu kodwa siye sibone sebesebenza nje," kusho uMnu Khwela.

Ugxeke amalunga e-ANC ngokugxambukela ezintweni ezingeke ziwusize ngalutho umphakathi ekubeni kunezinto ezithinta intsha engabe ziyalungiswa.

"Kuyimanje ulande abantu abahlala kwezinye izindawo ezingekho ngaphansi kwale wadi, wathi bavimbe ngoba bazwile ukuthi siyeza sizoletha uhlu lwezikhalo.

"Kasazi ukuthi laba bantu bangenaphi ezindabezi zewadi yethu. Okucasula kakhulu wukuthi kuyimanje kuvimbezeleke intuthuko ngenxa yokugweva kwe-ANC nehhovisi.

"Inkinga yayo kayifuni ukwamukela uma ihluliwe, lokhu kakusethusi ngoba kuyimanje intsha ye-ANC imatasa imashela ibhange lakwa-ABSA, ishiya into ebalulekile njengokudilizwa kwabantu kwaRainbow Chicken," kusho uMnu Khwela ekhuluma nabantu abebeyingxenye yalo mbhikisho.

Eziphendulela uMnu Ndzimbomvu, uthi kungamanga aluhlaza ukuthi uqashe obhululu bakhe ohlelweni lwe-EPWP. Uthi abantu abaqashwe kulolu hlelo bagcwalise amaphepha abo kudala okuyiwona asetshenzisiwe ngesikhathi beqashwa.

"Okunye abangakuqondi wukuthi ngesikhathi sokhetho safaka isicelo kuqala kuneDA kumasipala ukuba usinike imvume yokusebenzela kula mahhovisi njengoba singamakhansela amele inhlangano (PR Councellor). Lokhu abakhuluma ngakho kungamanga, kasikaze sivimbele muntu ozofuna usizo lapha" kusho uMnu Ndzimbomvu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.