Igxeka ungqongqoshe i-ANCYL ngokuthathwa kwamandla omkhandlu

2018-04-09 16:09

Durban - Ibhodla umlilo i-African National Congress Youth League (ANCYL) esifundeni saseHarry Gwala eningizimu yesifundazwe saKwaZulu Natali  ngokuthathwa kwamandla omkhandlu waseCreighton, iDr Nkosazana Dlamini Zuma obizwa phecelezi ngeNDZ,  osungaphansi kolawulo lwesifundazwe ngenxa yezinsolo zokungaphatheki kwamakhansela ekubikwa ukuthi ehluleka ukuthatha izinqumo zokuqasha izimenenja.  

Unobhala we-ANCYL kulesiya sifunda uMnu Qiniso Mnguni akaphozisanga maseko ngokugxeka ihhovisi likangqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu, uNkz Nomusa Dube Ncube, wathi isinqumo asithathile ngalowa mkhandlu sincike kakhulu kwezepolitiki.

“Akekho ongazi ukuthi imikhandlu ilawulwa yipolitiki futhi ke okwakhe {ungqongqoshe} kusobala ngoba ube umgcini-mafa esigungwini esiphezulu senhlangano ebusayo esifundazweni esamiswa, ekuyisigungu esizwa kakhulu ngobuholi besifunda sethu iHarry Gwala” kusho uMnu Mnguni.

Uthe kungani ungqongqoshe encamela ukuthatha amandla omkhandlu kunokuthi asuse indoda eyodwa {uMnu Nkosiyezwe Vezi}  engafunwa ngamakhansela  njengoba anqaba ukuvuselela inkontileka yakhe.

“Ngikusho ngingananazi ukuthi ngeke amakhansela aseNDZ amsukele uMnu Vezi engenzanga lutho ukuthi nje uvikelwa kakhulu ipolitiki yesifunda neyesifundazwe.

Lokhu kubonakala kuzodala umsansa phakathi kwe-ANCYL kanye neqembu elibusayo kulesiya sifunda njengoba usihlalo we-ANC uMnu Zamo Nxumalo ubezwakala eseseka isinqumo sekhabhinethi sokufaka lowa mkhandlu ngaphansi kolawulo lwesifundazwe.

Ekhuluma neNews 24 uMnu Nxumalo uthe bakweseka kakhulu ukuthi kungenelele isifundazwe emkhandlwini obonakala unezinkinga nokuthi amakhansela abephambili ekuxoveni izinhlelo zomkhandlu ezadala ukusilela ekuqashweni kwezimenenja kulowa mkhandlu azothathelwa izinyathelo ezinqala.

OLUNYE UDABA: Uhlalele ovalweni umphakathi ngokubulawa kwabantu ngempelasonto

Okhulumela uMnyango Wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu uMnu Msawakhe Mayisela uzikhahlele lezi izinsolo ze-ANCYL wathi isinqumo sokuthatha amandla omkhandlu i-NDZ kasithathwanga ngungqongqoshe yena siqu sakhe kepha yikhabhinethi, nayo isithathe emuva kwemizamo emingini yokungenelela kulowa mkhandlu yokuthi umkhandlu ubuyele esimeni sokusebenza use intuthuko kubantu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Lesi sinqumo sathathwa yikhabhinethi egunyazwa umthetho uSection 139 (1) (b) womthetho sisekelo ozosilekelela ekutheni kuyiswe izinsiza emphakathini kusebenzeke kuphindwe kuvalwe nezikhala ezikhona ” kusho uMnu Mayisela.

Uphinde wathi kakuwona umasipala wokuqala ukubhekana nesimo esifana nalesi i-NDZ njengoba naseMooi River, eMtubatuba, eLangalibalele naseMtshezi  bawathatha amandla futhi kakusebenzanga inhlese yepolitiki kodwa inhloso ukuthi omasipala basebenzela abantu.

Kanti ke uMnu Dumisani Vilakazi uyena oqokwe umnyango ukuthi ayolungisa isimo saseNDZ.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.