IHhovisi likaMengameli seligxeke ‘ukuhlaselwa’ kwaZuma wuMadonsela

2016-11-11 12:30

Cape Town – UMvikeli woMphakathi osethathe umhlalaphansi, uThuli Madonsela, kumele aziqhelelanise nokuphawula ngombiko wokulawulwa koMbuso njengoba lingasekho iqhaza alibambayo kuwona, kusho iHhovisi likaMengameli ngoLwesihlanu.

Leli hhovisi lithi izitatimende ezilokhu ziqhubeke njalo zikaMadonsela ezithinta uMengameli Jacob Zuma kanye nombiko wakhe wakamuva ziyakhathaza.

“Ukuhlasela kwakhe umengameli emphakathini okungagunyaziwe, njengoba kwenzekile eStellenbosch ngoLwesine, akufanelekile futhi akusizi,” kusho okhulumela iHhovisi likaMengameli uBongani Ngqulunga.

Uqhube wathi kungaba kuhle ukuthi uMadonsela ahlehle manje ukuze adedele ukuqhubeka kwemigudu yezomthetho kanye noMthethosisekelo ngaphandle kokuphazanyiswa.

OLUNYE UDABA: Abanye abafuni iqiniso liphume – Madonsela

UNgqulunga uthi bakhathazekile ngesenzo sikaMadonsela sokuputshuza ingxoxo eqoshiwe ngenkathi epheka umengameli Zuma ngemibuzo ngesikhathi enza uphenyo mayelana nezinsolo zokulawulwa koMbuso umndeni wakwaGupta, osondelene kakhulu nomengameli.

Uthi kuyaxaka ukuthi kungani uMadonsela aputshuza ingxoxo noZuma kuphela ekubeni aba nezingxoxo nabantu abaningi.

Iphephandaba, iThe Citizen, labika ukuthi uMadonsela watshela izethameli kwingqungquthela yaminyaka yonke i-Association of Black Securities Investment Professionals ukuthi waputshuza le ngxoxo ngenhloso yokuveza obala ukuthi wamunika uZuma ithuba lokuphendula imibuzo ophenyweni lwakhe.

Ngaphambilini uZuma wathi uMadonsela akazange amnikeze ithuba lokuthi aziphendulele imibuzo ngezinsolo ezikulo mbiko.

NgoLwesithathu, i-ANC yanxusa ukuba uMvikeli woMphakathi omusha, uBusisiwe Mkhwebane, aphenye uMadonsela ngokuputshuza lo mbiko. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.