Ihhovisi likaRamaphosa ligxeka izinsolo ezenziwe ngaye

2017-09-02 13:02

Cape Town – Umyalezo kaWhatsApp ozungezayo, oveza ingxoxo okungathi iphakathi kukaSekela Mengameli uCyril Ramaphosa nephephandaba langeSonto, usugxekwe njengomkhankaso wokucekela igama likaRamaphosa phansi.

Lo myalezo, obeka izinsolo ngempilo yangaese kaRamaphosa, uveza nohlu lwemibuzo ethunyelelwe yileli phephandaba lizama ukuthola izimpendulo mayelana nezinsolo ezikhona.

Ezinye zezinsolo zibandakanya ukuthi uRamaphosa uthandana nabesifazane abahlukene.

Okhulumela uRamaphosa, uTyrone Seale, uthe bayazi ngalo myalezo.

“Asingabazi nakancane ukuthi le miyalezo isatshalaliswe njengengxenye yomkhankaso wokuhudulela igama likaRamaphosa odakeni."

OLUNYE UDABA: URamaphosa nguye kuphela ongasindisa i-ANC: Cosatu

USeale uthe ngesikhathi esifanele, uRamaphosa uzokhipha isitatimende esilandisa ngalezi zinsolo eziqukethwe yilo myalezo ozungezayo.

Imizamo yokuxhumana noSteven Motale, okusolakala ukuthi nguye obexhumana noRamaphosa, ayizange iphumelele.

NgoLwesihlanu ebusuku, umholi we-EFF uJulius Malema ubhale kuTwitter wathi abantu sebeqalile ukusebenzisa “amaqhinga angcolile”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.