Durban - U-Ayanda Mabulu waziwa kakhulu ngemidwebo yakhe yango-2010 ayeyethe ngokuthi,”Kungcono ukuba hlwempu kunokuba isicebi esiyisiphukuphuku,”kulokhu uMabulu ubedwebe abaholi abaningi bezombusazwe benqunu.
Kulokhu kubonakala sengathi isenzo sakhe asehlanga kahle kubantu abaningi.
Nansi imibono yabanye abafundi bethu.
Sgb Nolanga Cebisa Dludla Yabona mfana uyisiqalekiso uyabonakala awunanhlonipho kazi bakukhokhela malini laba abakuthuma kuthi udwebe uZuma wena uluhlaza ngathi wakhulela ehlathini njengesagila.
S'pha Ngoza Zuma ulidaysile izwe namanje usalidayisa nalaba abasamthanda ingoba behlisa imali ngomlenze la bekhona, iNingizimu Afrika akuseyona eyethu sekungeyabokufika nawo lamaGuptas buka nje ufike asayine izivumelwano bese ethi kuvume iNingizimu Afrika, sisuke sivume nini thina sikuphi futhi ngoba izinqumo zakhe. Viva ngalomdwebo viva!
Shuku Mvula Uma uyazi ipolitiki sekuyacaca ukuthi lo mfana uyakhokhelwa ngalento ayenzayo mhlampe bekungakuhle asho obasi bakhe ukuze bachaze ukuthi ngempela bafunani, yena ke lo mfana uwudoti wamanyala kusele kona ukuthi adwebe uyise elele nonina bakha yena
Bongani Mish Nkambule Yazi noma bakhona abangahambisani nendlela uZuma aphethe ngayo kodwa asikho isidingo sokumdelela ngalendlela, ugcine uzibonakalisa kwanawe ukuthi abazali bakho bahluleka ukukukhulisa ngenhlonipho. Lo Ayanda wakhona uyisinengiso ihlazo lomuntu.
Sandile Magwaza Isithombe siveza izikhulu ezimbili zebhanoyi lelo bhanoyi elingaba yizwe lethu, lezizikhulu zinake ukunenezana kodwa ibhanoyi ngathi liyaphahlazeka manje ngoba izimpondo zokuli qondisa zisontekile, lokhoke sikubona kwenzeka kulelizwe lethu, izikhulu zalo ziyanesana zifunzana ngomnotho izwe liyawa eceleni
Thamsanqa Mlita Ubusathane nje lobu. Noma ngabe umzonda kangakanani umuntu loko akusho ukuthi kumele umhlambalaze ngalendlela. Kumele ibuyekezwe lenkululeko. Isiqalekiso lesi uMsholozi wubaba wekhaya nomongameli wezwe akumele ahlanjalazwe kanje. Wayekhulelephi lomfana onje?
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News 24