Ihlukana phakathi i-West, kusolwa uKhuzani ngokuba yixoki

2017-06-04 12:32

Durban -  Baxabana bodwa abaculi abawumbimbi abazibiza nge-West kulandela ukusolana bodwa ngokuthi omunye wabo (uKhuzani) uyixoki uhlala ngamagama abanye kubahleli bemicimbi yesintu emakhoneni bese kuvaleleka bona.

ILANGA LengeSonto lithole ukuthi bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele njengoba bungasekho ubudlelwano obuhle phakathi kukaKhangelani "DsD" Mhlongo, uDlubheke "Mdlwane" Khuzwayo, Mfezemnyama "Ngqeshe" Khumalo, noKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose.

Ukugqama kokungahoshelani kwabo kubheduke emuva kokuwina kukaKhuzani izindondo ezintathu emncintiswanani waMantshontsho kaMasikandi okubalwa neyeBest Masikandi kuzona njengoba uKhangelani ephumele obala kwelinye lamaphephandaba wazwakalisa ukungathokozi ngokushaywa kwakhe kuwona lo mkhakha ebebewubanga noKhuzani nabanye abaculi.

Abalandeli boSaziwayo nabakaKhuzani abasadlelani neze nasezinhlakeni zokuxhumana, bathi ukushaywa kwabo akugculisi, bathi uKhuzani uhlomule kungafanele.

Ekhuluma naleli phephandaba uKhangelani uthe akukho ukungahoshelani phakathi kwabo kodwa akathokozile ngendlela okwenzeke ngayo kwehlulwa iqembu lakhe loSaziwayo.

Uthi lusazokuba khona umbimbi lwabo kodwa ukhulunyiswe wukuthi akathandi ukuhlala nesilonda ngaphakathi enhliziyweni.

OLUNYE UDABA:Kusuke isidumo kwaqhuma nempama kowomasikandi ngenxa ka'Saaah'

"UKhuzani angilwi naye futhi ngamufonela ngamubongela ngokuhlabana kwakhe kodwa abantu engikhala ngabo abomncintiswano, kubukeka bengibambe ngophondo ngoba ngayabazi abalandeli boSaziwayo bayazimisela uma bevota," kusho uKhangelani.

Ngakolunye uhlangothi uDlubheke uthi kumele kucace ukuthi alukho umbimbi phakathi kwabo ngoba baqhubana ngamadolo, kubanjwana ngengqondo.

Ebuzwa ukuthi kungani naye esezibiza ngenkosi yomasikandi ngoba ohlangothini lwabo lwase-West, uKhuzani nguyena obizwa ngenkosi kanti kolwase-East bavumelana ngazwi linye abaculi bangakhona bathi nguMjikijelwa "iChalaha" Ngubane inkosi njengoba olwangakhona lubophele u-Ali Mgube, Abafana bakaMgqumeni, Jaivazimnike neGcokama Elisha, uthe: "Ayikho inkosi eyabekwayo, wonke umuntu uyazibeka," kusho uDlubheke.

Kulokho uKhangelani uthi asikho isivumelwano abasakhile sokuthi kuzobekwa uKhuzani eqhulwini kwesobukhosi njengoba kwenzeka e-East. Ephawula ngalokhu uMfezi uthi alumsizi umbimbi, kunalokho ubona lumshonisa phansi. Utshele leli phephandaba ukuthi usefuna ukusebenzisana nabo bonke abaculi.

Ebuzwa uKhuzani ngokungahoshelani kwabo uthi okwamanje usematasa nokukhangisa i-albhamu yakhe entsha ephume ngePhasika.

"Ngisabungaza ukuwina kwami izindondo. Angigabile ngokukhuluma ngoba ukukhula kwami kuzobonakala kwiMpucuzeko maduze," kusho uKhuzani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.