Ihostela laseGlebelands liyathinteka kakhulu odlameni e-KZN, kusho ikhomishini

2018-03-15 10:59

Durban - Abaholi bobufakazi kwikhomishini kaMoerane bethule izinkulumo zokuvala eMount Edgecombe ngoLwesithathu - ngemuva kwesikhathi esicishe silingane nonyaka kunezigcawu zomphakathi.

Le khomishini yasungulwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu ngo-Okthoba 2016, kulandela ukwanda kwezigameko zokubulala ezihlobene nezepolitiki esifundazweni.

Le khomishini eholwa ngu-Advocate Marumo Moerane, iphenya ngezigameko zokubulala esifundazweni kusukela ngo-2011.

Behola ubufakazi, o-advocate Bheki Manyathi no-Andile Ngqanda bazamile ukwelekelela okhomishana ekutheni bahlanganise umbiko bayelana nesihlava sokubulalana esikhona KwaZulu-Natal kule minyaka eyedlule.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa aphenya ngobugebengu eGlebelands athole isibhamu

UManyathi ukhulume kabanzi ngehostela laseGlebelands wathi, yize ikhomishini ingaphenyi lona ngqo, kodwa liyabandakanyeka kakhulu ngenxa yokuthi ipolitiki yiyona umsuka wodlame oluqhubeka khona.

UManyathi uthe ziningi ezinye izimbangela zokubulala ezenzeka kuleliya hostela, kepha kusolakala ukuthi ukwehluleka kukaMasipala weTheku ukulilawula yikho okudala izinkinga.

"Umbiko woMvikeli woMphakathi waveza ukuthi ukwehluleka kukamasipala ukulawula leli hostela yikho okuhamba phambili ezinkingeni ezibonakalayo.

"Kunobufakazi obuveza ukuthi ukwehluleka kukamasipala ukulawula leli hostela yikho okwaholela ekutheni liphathwe ngobugebengu."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.