Ijele lingcono kunebhokisi lomngcwabo – ANC

2016-12-08 14:30

Middelburg – Iqembu le-ANC eMpumalanga lithi kwenzeke ubulungiswa kulandela ukuthi abalisa ababili abasolwa ngokuvalela ngenkani uVictor Mlotshwa ebhokisini lomngcwabo, baphinde basabisa ngokumbhunyela ngophethiloli, beye banqatshelwa ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg, ngoLwesine.

IMantshi, uJongilizwe Dumehleli, ikhiphe isinqumo sakhe ngoLwesine ekuseni, ecaleni labasolwa, uTheo Jackson kanye noWillem Oosthuizen.

OLUNYE UDABA: Uthi wayesabela impilo yakhe owafakwa ebhokisini lomgcwabo

“Sifuna bezwe ukuthi kuzwakala kanjani ukuba sebhokisini. Ijele lingcono kunebhokisi lomngcwabo,” kusho uSihlalo wesiFunda we-ANC, uSpeedy Mashilo.

“Sigculiseke kakhulu kanye nokuthi ijaji [iMatshi] iliphathe kanjani icala. Sithemba ukuthi lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye.”

Leli jaji lithi nakuba lizibhekile izimo zabasolwa kodwa bekumele liqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka.

Ijaji lizichithile izinsolo zabasolwa zokuthi uMlotshwa untshontshe amakhebuli ethusi.

Uthi akubonakali ukuthi la basolwa banendawo yamakhaza, wathi kuyamkhathaza ukuthi abasolwa banebhokisi lomngcwabo.

Indawo ehlala umphakathi ibigcwele phama enkantolo njengoba bekukhona abalandeli be-ANC, izintatheli kanye namalungu omphakathi.

Ngesikhathi kuphuma lesi sinqumo senkantolo amalungu e-ANC abedansa futhi ecula ngaphandle kwenkantolo, kanti abanye bebesho nokusho ukuthi “kuhle ukuthi bazochitha (abasolwa) uKhisimusi ejele”. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.