IJomo Cosmos no-Eymael bahlawuliswe ngaphezu kuka-R100 000

2017-05-17 16:01

Durban - Ikomidi eliqondisa izigwegwe kuPSL liveze ukuthi seliphume nesinqumo mayelana namacala athinta iJomo Cosmos nalowo obengumqeqeshi wePolokwane City, uLuc Eymael.

ICosmos ibibhekene necala lokungaziphathi kahle ngesikhathi idlala neThanda Royal Zulu enkundleni yaseTsakane ngomhlaka-16 Ephreli.

Ngalolu suku isikhulu esimele leli qembu safika ngemuva kwesikhathi emhlanganweni obanjwa ngaphambi komdlalo, nokungukwephula umthetho obalulekile wokuziphatha kwamaqembu.

Leli qembu lihlawuliswa imali engango-R10 000.

OLUNYE UDABA:Inhlawulo enzima kwabazobanjwa bebhema emphakathini

Ecaleni likaLuc Eymael: Lo mqeqeshi ubebhekene necala lokungalandeli imiyalelo yeDispute Resolution Chamber yangomhlaka-14 ku-Ephreli. Lo mqeqeshi wayalelwa ukuba abuyele emsebenzini wakhe wokuqeqesha iPolokwane City.

U-Eymael ulahlwe yileli cala kanti uhlawuliswe imali engango-R100 000.

Kule nhlawulo u-Eymael ulengiselwe imali engango-R75 000 kuze kube wumhlaka-30 Juni 2018 noma kuze kukhishwe isinqumo sokugcina esizokhishwa wumkhandlu ogunyaziwe ozophikisana nesinqumo esenziwe yi-DRC.

Lokhu kungabuye kuhoxiswe uma iqembu iPolokwane City libhalela abe-ligi incwadi ethi iyamkhulula lo mqeqeshi kuyo yonke imisebenzi ephathelene naleli qembu.

Inhlawulo ka-Eymael iyamnqabela ukuba asebenze namanye amaqembu ngaphandle kwePolokwane City.

Lo mqeqeshi ubuye wayalewa ukuba akhokhe zonke izindleko zokuhlala kwaleli komidi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.