IKaizer Chiefs ibambe umkhuleko nomphakathi waseNkobongo

2017-05-26 17:59

kwaDukuza - Beligcwele ihholo lomphakathi eNkobongo eShaka's Kraal njengoba lo mphakathi ubuvakashelwe yiqembu lebhola iKaizer Chiefs.

Leli qembu livakashele lapho lifike lahlanganyena nomphakathi kanye nabafundisi bamabandla ahlukene kukhulekwa, njengoba bekunomkhankaso wokuqwashisa umphakathi ngokubulawa kwabesimame kule ndawo.

Ingwazi yeKaizer Chiefs u-Arthur Zwane oseqeqesha iqembu le-under 19 laMakhosi uzigxekelile izizenzo zokubulalwa kwabantu besifazane wathi bona njengeqembu abahambisani nalobu budlova.

bekuhlanganyelwe ukulwisana koku bulawa kwabantu besifazane kanye nezingane ezincane ezweni lonke kanye nkulendawo njengoba seziningi izigameko lapho kubulawa khona abantu besifazane.

IMeya yakwaDukuza nayo ebikhona kule ndawo ikugxeke kakhulu izenzo zokubulawa kwabantu besifazane kanye nezingane ezincane kulendawo.

Le Meya, uRicardo Mthembu inxenxe umphakathi ukuthi uzivikele futhi ivikele abesimame.

 “Kuneminye imikhuba yokutshontshwa kwezingane abanye bakhomba abantu bokufika, kodwa akusizi lokho ngoba lento ngeke iphele, kumele sizivikele.

Izidakamizwa yizona ezidala umonakalo omkhulu ezindaweni esihlala kuzo njengoba intsha izibhema mihla namalanga nokudayiswa komzimba ngeke kuze kwehle makunje," kusho uMthembu.

OLUNYE UDABA:Umculi othi ulandelwa ifu elimnyama ucele umthandazo kuMboro

Seziningi izigameko zokudlwengulwa kanye nokubulawa kwabantu besifazane endaweni yase Nkobongo.

Emasontweni ambalwa adlule kwatholakala isidumbu sowesimame eshonile, kanti kwesinye isigameko, owesimame wasinda ngokulambisa ephunyukwa equlwini lamadoda lifuna ukumfaka emotweni ngenkani.

UJoseph Mbili oyilungu lo mphakathi uthi sekunzima ngisho nokuthuma izingane esitolo ngoba ngeke wazi ukuthi izobuya na noma cha.elinezingane zamantombazane amane lithi sebephila ngomthandazo njengoba abntu besifazane bebulalwa kanje kule ndawo.

“Impilo isishintshe kakhulu sekufana nokuthi siphila ejele njengoba lezingane sezingakwazi ngisho ukuyodlala nabangani bazo, ngisho ukuya esikoleni sekunzima sesihleli sethukile njalo.

"Siyacela uhulumeni lolu daba aluthathele phezulu ngoba sesihlala sijeqeza, sekunzima ngisho ukuthumela ngisho ingane esitolo,” Kusho uJoseph Mbili


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.