IKaizer Chiefs idedele abadlali abayisikhombisa

2017-06-13 19:29

Durban - IKaizer Chiefs ayibanga nesizini enhle ka-2016/17 kanti lokhu kwenze abaphathi baleli qembu bazinuke amakhwapha futhi babhekisise abadlali abangaphansi kwaleli qembu.

Laba baphathi ngokubambisana nethimba labaqeqeshi bathathe isinqumo sokudedela abadlali abayisikhombisa.

Abadlali abafana noSiyanda Xulu, Lucky Baloyi, Camaldine Abraw kanye noLewis Macha banqanyulelwe izinkontileka zabo ngemuva kwemihlangano embalwa nabaphathi baleli qembu nabaphathi babadlali.

“Laba badlali banezinkontileka naleli qembu kodwa bebengalitholi ithuba elanele lokudlala ngesizini edlule. Sibone kungcono ukuba babheke amadlelo aluhlaza kwezinye izindawo singabavaleli amathuba,” kusho iMenenja Jikelele yeqembu uBobby Motaung.

U-Enocent Mkhabela obebolekwe yiPlatinum Stars unikwe ithuba lokuhlala naleli qembu unomphelo.

OLUNYE UDABA:IKaizer Chiefs iqoke uMabedi njengomsizi kamqeqeshi

USiphelele Mthembu yena unqanyukelwe wulayini njengoba sekuvele ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe.

Umdlali waphambili odabuka kwelaseZimbabwe uMichelle Katsvairo uzofakwa endalini kanti abaphathi basazocubungula kahle ikusasa lakhe ngesizini ezayo.

UMotaung uqhubeke wathi bazinikele ekujabuliseni abalandeli babo nokuguqula izinto kuleli qembu.

“Sizokwenza isimemezelo ngesikhathi esifanele ngabadlali abazojoyina leli qembu njengoba kuzoqala isizini entsha,”esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.