IKaizer Chiefs iqoke uMabedi njengomsizi kamqeqeshi

2017-06-13 16:03

Durban - IKaizer Chiefs isiqinisekise ukuqokwa kwalowo owayengumdlali nokaputeni waleli qembu uPatrick Mabedi njengomsizi kamqeqeshi.

UMabedi, odabuka kwelaseMalawi, wayedlalela amaKhosi phakathi kuka-1998 no-2006.

Lo msizi kamqeqeshi waba nesikhathi esihle kakhulu edlaleli abafana basePhefeni futhi wayekhona leli qembu liwola izindondo zePremiership ngesizini yango-2003/4 nangesizini ka-2004/5 futhi bathola neMandela Cup ngo-2001.

UMabedi waba ngukaputeni waleli qembu phakathi kuka-2003 kuya ku-2006 ngaphambi kokulishiya leli qembu wajoyina iMoroka Swallows.

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe umdlali webhola ngokudlwengula unkosikazi wakhe

Ngokwesivumelwano sakhe naleli qembu, uMabedi usayine inkontileka ezoqala ngomhlaka-1 kuJulayi 2017.

“Ngiyajabula kakhulu ukubuya ekhaya. Ngilithakasele leli thuba lokuba yingxenye yethimba elizothuthukisa iChiefs futhi ngithanda nokubonga abaphathi bayo ngokunginika ithuba elihle kangaka,” kusho yena.

Ukufika kukaMabedi kulandela ukuthi iChiefs iqinisekisile ukuthi isinqamule inkontileka yobengumsizi kamqeqeshi wayo, uJohn Pantsil,

“IKaizer Chiefs kanye noJohn Pantsil sebefike esivumelwaneni sokunqamula inkontileka yakhe njengomsizi kamqeqeshi wekilabhu okuqale ngomhlaka-6 Juni 2017,” sifundeka kanjalo isitatimende kwi-website yaleli qembu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.