IKapa yindawo yokufela izaguga zabelungu

2016-07-09 13:02

Cape Town -  Amaqembu ezombusazwe eWestern Cape ethule izethembiso zawo, ezincane nezinkulu kubavoti baseKapa ngoLwesihlanu.

I-ANC, DA ne-EFF abenza izethulo zawo ngesikhathi kudingidwa ngokhetho lohulumeni lwezindawo, ‘emhlanganweni’ obuhlelwe yiCatholic Parliamentary Liaison Office neHanns Seidel Foundation.

Amaqembu abuzwe ngobugebengu, ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu ezindaweni ‘zabahluphekayo’ kanye nalokho okubukeka njengokungahlalisani kahle okukhona eKapa.

Usihlalo we-EFF eWestern Cape uBernard Joseph uthembise ngokuqeda ubugebengu, ukudala ukuhlalisana kahle eWestern Cape nangokubeka eqhulwini ukwakhiwa kwezinto nokuthuthukisa ezempilo.

Funda nalolu daba

Ilungu le-DA ePhalamende, uKevin Mileham uthe iyabonakala imisebenzi esiyenziwe yiqembu lakhe kulesi sifundazwe.

Uthe kodwa nakuba imisebenzi izibonakalela, ngeke bakwenza konke ngesikhathi esincane ngoba kunezinto ezithatha isikhathi eside ukuzilungisa.

U-Xolani Sotashe, we-ANC ogaqele esokuba yimeya eKapa, uthe iKapa lifana namadolobha amabili lilodwa, lapho abantu abahluphekayo beshaywa indiva, kunakw akakhulu abaphila kahle noma abasezindaweni zabaphila kahle.

Uthe uma abantu abamnyama sebethatha umhlala phansi eKapa bathuthela e-Eastern Cape ukuze baphile kangconywana.

Uthe iKapa yidolobha lapho izaguga zabelungu eziyiziyizigwili ezifika sezizofela khona.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.