Ikhansela laseNanda lisolwa ngokuvimba iloli elilethela umphakathi amanzi

2017-01-30 18:00

eNanda - Umphakathi wasensaweni yaseNtanda eNanda uphume ngobuningi bawo ubhikishela kwentuleka kwamanzi.

Ngokusho kwezakhamuzi zakule ndawo, sekuphele cishe amasonto amabili bengenawo amanzi.

Kuze kwafika amaphoyisa kule ndawo ahlakaza isixuku ebesivutha singabaselwe sisola ikhansela lakule ndawo, uBonke Chili ngokukhetha iphela emasini uma kuthunyelwa amaloli amanzi endaweni.

Lo mphakathi usola uChili ngokuvimba iloli ebelithumela amanzi kule ndawo ngoba ecasulwa wukuthi abengahambisani naye ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya futhi kawamvotelanga.

 ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi phambilini bekuneloli ebelihambisa amanzi kule ndawo njengoba kuyinto ejwayelekile ukuthi aphele.

Uthi kuhambe isikhathi leli loli layeka ukuya kule ngxenye yomphakathi obubhikisha kodwa liya kwezinye izindawo.

OLUNYE UDABA:Kuphazamiseke ukuhlinzwa kwezidumbu amanzi engekho

"Abantu bayakhala ngoChili, kusabalele izindaba zokuthi nguyena ovimbe iloli ngoba ethi abantu bakule ndawo kabamuvotelanga.  Sizozama ukululungisa lolu daba kanti besicela nakuzona iziphathimandla ukuba zisukume," kusho umthombo waleli phephandaba.

Ethintwa uMnu Chili, uthe kungamanga aluhlaza cwe ukuthi abantu bakule ndawo kabamvotelanga. Uthi iNtanda ngenye yezindawo athole kuzona kakhulu amavoti, ngakho laba abathi uvimbe iloli ngoba bengamvotelanga akazi bakhuluma ngani.

"Laba bantu bahlala eduze nehhovisi lami, akekho noyedwa kubona oke weza ezobika ukuthi iloli kaliwayisi amanzi kubona.

 Into eyenzekile ngoLwesihlanu benginomhlangano nabomnyango wezamanzi kwamasipala, sikhuluma indaba yokuthi kumele iloli liqale ehhovisi lami ukuze sizolitshela ukuthi maliwahambise kuphi amanzi. Lokhu besenzela ukuthi kube lula ngoba uma lizihambela noma kuphi, kunabantu abagcina bengasawatholanga amanzi.

 Lihamba liphelele ngasekuqaleni kuthi abantu abahlala kude bagcine bengasawatholi," kusho uMnu Chili. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.