Ikhansela lilahlwe yicala lokweba izinkomo e-KZN

2017-11-27 16:00

Durban - Lizokuba noKhisimusi omnyama ikhansela le-African National Congress (ANC) ebelisebenzela kuMasipala waseMthonjaneni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, elilahlwe yicala lokuntshontsha izinkomo.

UMthokozisi Mthembu obeyikhansela kuwadi-7 kulo masipala, ulahlwe yicala lokubanjwa nezinkomo ezingu-11 zokwebiwa ezibiza isamba semali engu-R60 000, okuvele ukuthi ubezintshontshe eMooihoek Farm, ePiet Retief, esifundazweni iMpumalanga.

Ngokusho kwelinye iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uMthokozisi lezi zinkomo uzintshontshe ngezithuba zabo-12 ebusuku ngomhlaka-16 Disemba 2016. Lithi uzilayishe elolini ebelishayelwa nguyena zandla zakhe, washosholoza nazo waze wangena KwaZulu-Natal. 

"Umnikazi wepulazi uvuke wahlaba umkhosi, amaphoyisa ebe esenza izivimbamgwaqo wabanjwa esengena eVryheid uMthembu nazo izinkomo ezilayishe elolini.

"Ebuzwa ngamphoyisa ukuthi uzithathephi lezi zinkomo, kucelwa namaphephamvume azo, kwahlwa emini, wabika imbiba wabika ibuzi. Kuthe uma amaphoyisa esethi ayambopha, waveza ukuthi uzinikwe ngabanye abafana, okuthe uma belandelwa labo bafana batholakala baboshwa naye.

"Kuthe uma seliqulwa icala bangabakhona ubufakazi obuhlanganisa laba bafana nalolu daba. Badedeliwe ikhansela lasala lodwa obishini," kusho leli phoyisa. 

UMthembu kuthiwa sekudlule imihlangano eminingana yokuhlala kwesigungu samakhansela kumasipala engasalubhadi kuyona futhi engabiki nokuthi kungani engayi emihlanganweni.

ILANGA libe selithinta uThami Shangase okhulumela uMasipala waseMthonjaneni othe ngokombiko abawutholile, kuthiwe uMthembu akaphilile, usesibhedlela.

"Siqala ukuzwa ngani ukuthi uboshiwe. Lolu daba sisazolulandela uma kuwukuthi lunjalo ngempela, umasipala uzobe sewuthatha izinyathelo ezifanele," kusho uShangase.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uluqinisekisile udaba lokuboshwa kwekhansela. Uthi kumanje lingaphakathi kanti isigwebo salo sizokhishwa ngomhlaka-12 Disemba nonyaka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.