Ikhansela lisolwa ngokudubula umfundi kunombhikisho

2017-08-30 12:33

Mbombela – Ikhansela le-ANC kulindeleke ukuba livele eBoschfontein Magistrate's Court eMpumalanga, ngemuva kwezinsolo zokuthi lalimaza umfundi ngesikhathi kunombhikisho.

UJustice Siboza, 55, nowaboshwa ngoMsombuluko, ubhekene necala lokuzama ukubulala, iNetwerk24 ibike kanjalo.

Lo mfundi oneminyaka engu-16 ubudala wasesikoleni iMpumelelo Primary School, eMiddelplaas, wadutshulwa ngesikhathi kunombhikisho wabafundi kanye nabazali ngoLwesihlanu, ngemuva kokuthi ingane iwele emgodini wendlu yangasese. Le ngane igcine itakuliwe.

OLUNYE UDABA:Inyuvesi ifakele umfundi u-R14m ngephutha

Ababhikishi ababecasukile bafuna ngodli ukuthi kube nezingqalasizinda zokuphepha kanye nenhlanzeko ezikoleni.

“Ngokombiko, ilungu le-ANC lafika esikoleni neziphathimandla zezomthetho. Wadubula amahlandla amathathu ngesibhamu sakhe. Wathi kwakuyimizamo yokwehlisa imimoya kubazali ababhikishayo,” kusho uJane Sithole, okhulumela iDA kwezemfundo eMpumalanga.

UMnyango wezeMfundo esifundazweni awuzange utholakale ukuze uphawule. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.