Ikhomishini ngeState capture kumele iphenye inkohlakalo kuhulumeni, igxile kwabakwaGupta

2018-01-25 14:00

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ufuna ikhomishini ephenya ngezinsolo zokubanjwa koMbuso ngobhongwane liphenye ngazo zonke izinhlobo zenkohlakalo ezikhona kuhulumeni, okubalwa izinsolo abekwa zona, ongqongqoshe beKhabinethi lakhe, umndeni wakwaGupta kanye nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni.

Ngokwamaphuzu abekiwe abonwe yiNews24, uZuma uthi ikhomishini kumele iphenye ukuthi ngabe ngubani owenza imizamo futhi leyo mizamo yahamba yafikaphi, ekutheni kufakwe umoya izikhulu zikahulumeni, okubalwa namasekela ongqongqoshe kanye namalungu amabhodi ezinkampani ezehlukene ezingaphansi kukahulumeni, ukuba kube khona abazuzayo ngandlela thize.

"Ikhomishini kumele iphenye futhi nezinsolo zikalowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeziMali uMncebisi Jonas nowayeyiLungu lePhalamende uVytjie Mentor, zokuthi bathenjiswa ngumndeni wakwaGupta izikhundla kwiKhabhinethi," eloba.

OLUNYE UDABA: UMengameli Zuma uphikise isinqumo ngolweState Capture

UZuma ufuna futhi ukuthi ikhomishini, ezoholwa yiSekela likaMengameli wamaJaji uRaymond Zondo, iphenye ukuthi ngabe zikhona yini izikhulu zikahulumeni ezaba nesandla ekuvalweni kwama-akhawunti asebhange omndeni wakwaGupta ngendlela engalungile.

Lokhu kungukuhambisana nemiyalelo eyabekwa yilowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, ngesikhathi ethula umbiko ngeState capture.

UMadonsela wenza izincomo ezithi kumele kube yijaji elizoqokwa nguMengameli wamaJaji uMogoeng Mogoeng elizohola ikhomishini ezophenya ngalezi zinsolo.

Umndeni wakwaGuopta usolwa ngokuba nesandla kwezinye zezinqumo ezinkulu ebezenziwa nguMengameli Zuma, okubalwa nokuqokwa kongqongqoshe kanye nokuphathwa kwezinkampani zikahulumeni.

JusticeConDevelopment.pdf

null

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.