Ikhulelwe amawele intombazane, 13, 'edlwengulwe' amadoda angu-8

2018-02-05 16:01

Kaduna, Nigeria - Intombazane, 13, okusolwa ukuthi yadlwengulwa amadoda angu-8, kubalwa nomholi webandla lamaSulumane, kuthiwa inezinyanga ezinhlanu ikhulelwe amawele.

Lesi sigameko senzeka eKabua, eKaduna.

Inhloko yenhlangano i-Arridah, uHajiya Rabi Salisu, utshele abezindaba iNews of Nigeria (NAN) ukuthi ngoMgqibelo eKaduna wabikelwa inhlangano ukuze izosiza intombazane ithole ubulungiswa.

Uthe inhlangano izokweseka intombazane iphinde ilandele icala enkantolo kuze kuba wukuthi ithola ubulungiswa.

OLUNYE UDABA:Ingane 'edlwenguliwe' itholakale ilenga esihlahleni

I-NAN izwe ukuthi umholi webandla lamaSulumane ungumakhelwane wabazali bale ntombazane.

URabi uthe: "Sibikelwe ngecala, ngithanda ukusho ukuthi selokhu ngaqala ukusebenza angikaze ngihlangabezane nento enje kusukela emacaleni okudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwezingane angaphezu kwangu-400. 

"Kubuhlungu ukubona amadoda angu-8 edlwengula intombazane, 13. Le ntombazane ikhulelwe ekubeni ingakahlosi nokuhlosa kanti nabazali bayo bafuna ukuba ihushule isisulu ukugwema ukuhlazeka emphakathini.

"Kungenzeka ukuthi isisuleleke nge-HIV/AIDS noma ezinye izifo ezisulelana ngokocansi.

"Sifuna kwenzeke ubulungiswa yingakho sifuna ukwesekwa wuhulumeni waseKaduna, yizo zonke izinhlangano zamalungelo abantu nabaholi bamabandla ukuze kuzosizakala izingane ezihlwempu ezibhekene nezinkinga zansuku zonke."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!

South African tennis player and 2018 Wimbledon finalist Kevin Anderson has a large pool of loyal fans but among the most noticeable is his adorable dog Lady Kady – who even has her own instagram account.

 

Paws

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.