Ikhuza eyokuthathwa komhlaba ngendluzula imeya

2018-05-10 09:30

Kokstad - Imeya yaseKokstad eningizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal, uBheki Mtolo usebenzise ithuba lokucobelelana nosomabhizinisi bendawo ngokuthi akhuze eyokuthathwa komhlaba ngendluzula.

Ukusho lokhu ngoba ethi lokho kunomthelela omubi emnothweni wakuleli futhi kuvimba abatshali zimali bangafisi kumbe bangacabangi ukutshala imali yabo elizweni ekulokhu kubikwa izigameko zodlame ngalo. 

uMtolo ubekhuluma emcimbini wosomabhizinisi eKokstad obuhlanganisa neminyango kahulumeni lapho bebeyocobelelana ngezindlela zokugqugquzela nokuxhasa amabhizinisi asakhula ukuze nawo akwazi ukusebenzisa amathuba kahulumeni akhule kukhandlwe namathuba emisebenzi. 

Ethula inkulumo yakhe emcimbini obusehholo elise dolobheni uMtolo ukubeke kwacaca ukuthi uhulumeni akasenayo imali yingakho beqinisa ubudlelwane nezinkampani ezizimele ngenhloso yokuthi zikwazi ukutshala imali ezindaweni ezehlukene kuvuleke amathuba emisebenzi. 

OLUNYE UDABA:Umphakathi uvimba imizamo yokuxosha imeya

“Uma ngingakutshela iqiniso nje ngendlela imisebenzi engekho ngayo thina siwu mkhandlu sagcina ukuqasha kakhulu ngonyaka ka 2012. Yingakho sigqugquzela intsha ukuthi ifunde ithi ingena kwezamathenda kodwa ibe iwazi umnyango wesikole ukuze kuthi uma kungahambi kahle kwezamathenda ikwazi ukuthintitha izitifiketi iyofuna imisebenzi” kusho uMtolo. 

Uthe intsha ayihlukane nokuhehwa abanye bamathenda abahamba ngezimoto zikanokusho bagcine sebeshiya isikole ngoba bejahe ukwenza amathenda nabo bahambe ngezimoto kepha abafunde kuqala bawenze kahle amathenda befundile. 

Uphinde wathi indaba yomhlaba ibucayi futhi idinga ucwaningo olunzulu ngoba abantu bahaje ukuthatha umhlaba nezimayini kodwa babe behlulwa amadolobha abo amancane. 

“Uthole ukuthi edolobheni amarobhothi kawasebenzi kodwa abantu balo bayalwa bafuna ukungena emnothweni wezimayini ngale kokuthi behlulwa ngisho ukubamba isikhathi kodwa babe bazi kahle ukuthi kwezamabhizinisi isikhathi yimali” kusho uMtolo.

Nokho uthi bayazama ukuhlangabezana nosomabhizinisi abancane njengoba kuwumthwalo wabo ukuthi bawaxhase.

Le ngqungquthela ebihanjelwe osomabhizinisi abamhlophe nabamnyama ibenesasasa njengoba bevulelwe amathuba eminyangweni eyehlukene yokuthi bathole uxhaso. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.