Ikilabhu ithi bekufanele imbophise umqeqeshi

2018-04-17 12:34

Johannesburg - Imenenja yeBlack Leopards uTshifiwa 'Chief' Thidiela ithi bekuyilungelo labo ukuvulela icala lowo owayengumqeqeshi wale kilabhu u-Ivan Minnaert ngezinsolo zokuthi uyenqaba ukubuyisa okhiye bemoto bekilabhu.

Lo mqeqeshi waseBelgium washiya le kilabhu yaseLimpopo ngoDisemba wangonyaka owedlule, ngemuva kokuba umqeqeshi esole imenenja yeLidoda Duvha u-Elijah Mulaudzi ngokuthi yamshaya, nokwaholela ekuvulweni kwecala lokuzama ukubulala.

UMinnaert, nokho, useboshiwe ngemuva kokwenqaba ukubuyisa okhiye bemoto yekilabhu, ngokusho kwekilabhu.

Ngokusho kwesitatimendeni esitholwe yiKickOff.com siphuma kummeli kaMinnaert u-Arthur Dlamini we-MFJassa TD Dlamini Incorporated, uMinnaert uboshwe ngamaphoyisa asePolokwane eseGoli ngo-Ephreli 10, ngabo-15:45.

OLUNYE UDABA: AmaZulu asayine isivumelwano nabaxhasi abasha

Usolwa ngokweba okhiye beNissan Almera, ayeyisebenzisa esaqashwe yiLidoda Duvha.

Uthi ukuboshwa kukaMinnaert kuhloswe ngakho ukumesabisa ukuze ezohoxisa icala alifake kwiDispute Resolution Chamber ye-PSL ngodaba lwenkontileka yakhe.

Isitatimende sithi lomqeqeshi uyiswe esitokisini ngemuva kwamahora amathathu behamba ngemoto.

Umnikazi weBlack Leopards uDavid Thidiela uthi bazame konke ukuncenga uMinnaert ukuba abuyise izinto zekilabhu kodwa wangafuna.

Uphinde wakuphika ukuthi lena yimizamo yokuba kuhoxiswe necala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.