Ikweleta isibhedlela u-R98 000 indoda eyadutshulwa yiphoyisa ngo-2005

2016-07-12 12:31

Cape Town – Indoda yaseKapa ikweleta isibhedlela iGroote Schuur imali engaphezu kwengu-R98 000 wokunakekelwa yiso ngemuva kokudutshulwa yiphoyisa ngephutha ngonyaka wango-2005.

Ngokusho kweGroundUp uMohsan Ameen walahlekelwa yinso yakhe kanti akakaze anxeshezelwa ngalokho noma athole incazelo emaphoyiseni. Alukho uphenyo oseluphotyhuliwe.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela ukufuniswa odle phansi eqeda kushayisa umuntu

Le ndoda edabuka ePakistan ithi yayihamba nabangani bayo besuka eBellville ngoLwesithathu ebusuku ngoFebhuwati ngo-2005."Ngesikhathi sifika kuR300 endleleni ebheke eMitchells Plain bamiswa ngamaphoyisa."

Kwadutshulwa. "Inhlamvu yangena ebhuthini yashaya inso. Ngesikhathi sengithinta isandla sabuya negazi ," kusho u-Ameen.

Amaphoyisa abaphambanisa nezigebengu, usho njalo. Asesha imoto angathola lutho. Amaphoyisa abe esebiza i-ambulensi u-Ameen waphuthunyiswa esibhedlela iGroote Schuur.

U-Ameen wahlala esibhedlela kusukela ngomhlaka-2 Febhuwari 2005 kwaze kwabangu-mhlaka-14 Meyi esenesikweletu semali engu-R98 000 esadluliselwa kubaqoqi bezikweletu ngo-2007, kusho isibhedlela.

Ngesikhathi esephuma esibhedlela wawa esiteshini samaphoyisa asePhilippi eyovula icala wafica ukuthi uConstable Gubela wamvulela icala lokuzama ukubulala ngo-Febhuwari 2005.

Egcina ukuya esiteshini samaphoyisa u-Ammen watshelwa ukuthi icala alisekho emabhukwini.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.