IKZN ithi igqemeke ingozi ngokushona kweMeya

2016-12-22 16:00

Durban – Uhulumeni waKwaZulu Natali uthi usazikhotha amanxeba kulandela ukushona ngokuzuma kweMeya yoGu District Municipality, uTolomane Mnyayiza.

“Njengohulumeni wasekhaya, kusenzima ukuthi samukele izindaba zokudlula emhlabeni kwaMnyayiza.

OLUNYE UDABA: Imeya iqashe iRange Rover ebiza u-R150 000 ngenyanga

“Akuthusanga ukuthi wakhethwa njengoSihlalo wokuqala we-ANC Youth League esifundeni saseLower South Coast,” kusho uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neZindaba zoMdabu, uNomusa Dube-Ncube, ngoLwesine.

Lo mholi obeseneminyaka engu-44 ubudala, ushonele esibhedlela ngoLwesithathu kusihlwa. Kukholakala ukuthi ubekade egula.

“Ubengumholi onomlando onothile womzabalazo wethu wenkululeko futhi eziqonda izidingo zabantu.

“Akulula ukwamukela ukuthi angeke sisaphinde simbone noma sisebenze naye futhi,” kuqhuba uDube-Ncube engeza ngokuthi bazozibophezela ekusebenzeni kanzima ukuze baqhubeke lapho egcine khona njengendlela yokumhlonipha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.