Ilimale ekhanda indoda ewe esitimeleni

2017-02-01 14:31

Johannesburg - Kuzwakale ukuthi ilimale ekhanda kanzima indoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kwengu-20 ubudala ngesikhathi iwa esitimeleni eduzane nasesiteshini sezitimela iBirchleigh, e-East Rand.

Okhulumela i-ER24, uWerner Vermaak uthe bafike endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-17:00 ngoLwesibili.

Abosizo lokuqala, i-ER24, bekhashwa ngabanye bezimo eziphuthumayo kubhekwe kujantshi wesitimela, kubika iKempton Express.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe 'obezimeteza' ngokubuka abesifazane esitimeleni

"Le ndoda itholwe eduzane nojantshi ilimale kanzima ekhanda. Abosizo lokuqala baxilonge le ndoda endaweni yesigameko base beyiphuthumisa nge-ambulensi esibhedlela esiseduzane."

"Imbangela yesigameko ayikaziwa. Abantu abebesendaweni yeisgameko abakwazanga ukuqinisekisa ukuba ngabe le ndoda ududulelwe ngaphandle esitimeleni noma ibidlala phezu kwesitimela yini ngesikhathi kwenzeka isigameko," kusho uVermaak.

  

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.